30/09/2025
Uthi Bewazi nje Ukuthi Awudingi Ukuba Nemali Eningi Ukuqala Noma Ukhulise Ibhizinisi Lakho?
isitebhu sokuqala. qala udayise umkhiqizo wakho, bhala phansi imali oyikhiphayo ukuze uthole umkhiqizo. Uphinde ubhale phansi imali oyikhokhela ugesi, abasebenzi, imoto noma indleko zokuletha impahla yakho lawudayisela khona.
Uma sewukubhale konke loku phansi, kwelinye uhlaka lwephepha bhala imali engenayo, oyidayisile usuku nosuku, sonto nesonto, inyanga nenyanga, unyaka nonyaka. Faka imali oyidayisile ebank njalo ngesonto, noma njalo ngenyanga ukuze ibonakale kwistatimende sakho sasebange.
Uma sewunalo mlando wezimali ebhizinisini lakho sewungakwazi ukuthola uxhaso lwezezimali ngoba ibhizinisi lakho liyakhombisa ukuphila kwalo ngokuqinisekisiwe. Thola umuntu ongakubhalela iplani yebhizinisi lakho, ilincome ngelikudayisayo nendlela elidayisa ngayo, ngokuphathwa kwalo, ngendlela elikhangisa ngayo umkhiqizo namakhasimende alo awobani, ahlalaphi. anganyuka kanjani. umakukhons izinkinga zingagwemeka kanjani. Mese uyachaza ngokusebenza kwezimali ukuthi zisebenza kanjani inyanga nenyanga, ufake ubufakazi bezitatimende zasebhange ezifakazela okubhaliwe. Bese uyahlawumbisela ukuthi uma ungase uqhubeke nalendlela osebenza ngayo eminyakeni emithathu kuya kwemihlanu ezayo kungabe selinamalini. lingadinga malini ukuze konke kufezeke ngendlela ephephile.
Mese ekugcineni kwaleplani, ufake amaphepha akhombisa ukulandela umthetho, nezithombe mazikhona, konke nje okuwubufakazi bokuthi lisemthethweni. Leplani ke ingakusiza uthole imalo lebhalwe ohlakeni lwezimali, ibhizinisi lisebenze likhilule ngaohandle kokuthinwena ube nemali eningi ekungeyakho.
Siyasiza ekubhaleni amaplani, siphinde sizize ekwenzeni amabhizinisi abesemthethweni.
Sithinte ku: 0722429880
[email protected].