26/12/2024
UMPHAKATHI WASE-NDWEDWE WAMUKELE NGELIKHULU ISASASA I-MASIKHULE NDAWONYE YOUTH EMPOWERMENT PROGRAM EYAYIHLELELWE ZINGU 20 KUZIBANDLELA 2024
Kuqhopheke umlando esigodini sakwa-Chili lapho bekukhona uhlelo lokuthuthukisa abantu abasha umphakathi ukhombisa uthando nokubambisana kwazise bekuqala ngqa ukuthi kubenohlelo olubhekelela inqubekela phambili kwezemfundo kubantu abasha.
Lomphakathi usalele emumva kakhulu ezintweni eziningi ezibala ezokuthuthukisa abantu abasha kwezemfundo, kwezemidlalo noma kwezemisebenzi. Ngisho nangengqala sizinda usasalele emumva. Kepha lokhu akuzange kumuphazamise u- Sindiswa Phakade odabuka esigodini sakwa Shangase eNdwedwe ward17 ngoba kuthe mesezophothula izifundo zakhe emabangeni aphakeme wabona ukuthi akabuye azotshala emphakathini akhulele kuwo naqala kuwo ukufunda emabangeni aphansi.
U-Sindiswa ungumphathi nomsunguli wenhlangano i-Lungile Precious Mchunu Foundation ekwiyona ehlela i-Masikhule Ndawonye Youth Empowerment Program. Kulomcimbi bekuqwashiswa abantu abasha ngokuziphatha kahle, bagweme izidakamizwa, baphokophele imfundo. Kwesinye sezithombe ezingezansi kubonakala uMnumzane Makhoba onguthishanhloko kwesinye sezikole i-Nobantu Primary School. U-Mnumzane Makhoba ubethula inkulumo enohlonze ngemfundo, ukhombisile ukuthi imfundo iyohlezi iwukhiye wokuvula noma imuphi umnyango ngoba naye imuvulele iminyango eyayingeke ivuleke ngaphandle kwemfundo yakhe nokuzimisela kwakhe.
Uthishanhloko waseNobantu Primary School ukhombise uthando lomfundi wakhe ayemfundisa esamncane njengoba edele isikhathi somndeni wakhe wazoseka ingane ayeyifundisa esikoleni i-Tholumusa Primary School. Ebengazile nje ukuzoyiseka nje kuphela kepha inkulumo yakhe kwezemfundo ibikhombisa okukhulu ukujula, nokukhulu ukuhleleka ngoba ibiyakha futhi ifaka ugqozi kumuntu omusha. Kanti futhi unothando nenhlonipho yokwakha lomphakathi kwazise waqala kuwo ukusebenza njengothisha futhi ungomunye wothisha abashintsha i-Tholumusa Primary School yaba isikole esihlonishwayo njengoba isikhiqiza abafundi abafana noSindiswa.
Kwesinye sezithombe kubonakala uSgt Simamane we Ndwedwe SAPS, U-Sgt Simamane ubethula inkulumo enohlonze ngokuqwashisa abantu abasha ngezidakamizwa nomthelela wazo kubantu abasha. Lenkulumo ibihlelekile futhi yamukeleke ngelikhulu isasasa ngoba umphakathi ubukhombisa ukululambela ulwazi njengoba bewubuza ubeka nembono. Ubeselandelwa ngu Nkosikazi Ngidi naye ongumholi oqavile kwi Ndwedwe SAPS obethula inkulumo eqwashisa ngokuhlukumezeka ngokobulili. Lenkulumo beyakha futhi ifundisa ngokuhlukumezeka okudala ukuthi abantu abahlukumezekile bagcine sebethatha izinqumo ezidicilela izimpilo phansi, ichithe nemizi.
Nekhansela laka Ward17 u-Mnumzane Sthabiso Bhengu ugqugquzele abantu abasha ngokuziphatha kahle waphinda wabakhuthaza ngokusukuma bazibambele izinto eziyisa phambili, waphinde wafundisa abantu abasha ngamathuba akhona emkhandlwini kahulumeni intsha engazuza lukhulu uma ingasukuma izithathe. Ubesekhuthaza uSindiswa Mchunu ukuthi aqhubekele phambili wathembisa nokuthi uzohlezi emuseka ngoba abantu abasha abafana naye bayingcosana kanti umsebenzi awuhlongozayo muhle kakhulu. Umcimbi ubeyimpumelelo kakhulu futhi umsunguli uthembise ukuthi kuzoba ngumcimbi waminyaka yonke ozokuba sezindaweni ezahlukahlukene zaseNdwedwe.
U Sindiswa Phakade ubonga wonke umuntu owenze lomcimbi ube yimpumelelo okubalwa osomabhizinisi abanikelile abaholi bendawo, nezakhamuzi. Ukubala nje abambalwa, u Bonga Chili ongumholi emphakathini aphinde a***e iqembu INkatha Freedom Party. Isandlasomusa Mthuyi onguthisha oseqophelweni eliphezulu emabangeni aphakeme, Scelo Lawrence Mchunu ongumphathi eLife Health Care obethula inkulumo enohlonze kwezokusebenza, ophinde wagqugquzela nokuzimisela ngokwemfundo kubantu abasha ukuze bakhule ngokomsebenzi, u-Sthembile Mchunu, Mluleki Zwane Nduduzo Shandu, Sipho Sips Chili, abango somabhizinisi.
Namalungu omphakathi abephekela izihambeli, okubalwala uMrs BJ Mchunu, Miss NB Mchunu. Enikwenzile kuyancomeka. Inkosi inigcine kwande umusa. Sibonge nokwesekwa umndeni ka SS Mchunu. Okubalwa u Phumelele Mchunu Nosipho Mchunu, Sbusiso H Mchunu. Umbhaki wamakhekhe u Siphindile B Nxumalo obhaka amakhekhe amnandi antofontofo. kanye nabaphathi besikole iTholumusa Primary School.
Sibonge nako MCs Baby-girl Mngadi, Aziswa Mchunu Ncomeka Mchunu Sinenhlanhla Chili Kanye no DJ Andile Chili, umthwebuli zithombe u Zizile Bulose.
Izandla zedlula ikhanda kini nonke.